Monday, November 28, 2011

UZahara ududulwe u-Aka kumaMetro

 

Yize ehambe nezindondo ezintathu uZahara kodwa kube nokumangala kwabaningi uma kuvela ukuthi u-Aka uthathe izindondo obekulindelwe ukuthi zihambe nabanye abaculi kumaMetro FM Music Awards.
U-Aka, ocula i-hip-hop, uthathe indondo ye-Best Newcomer, Best Hip-Hop neye-Best Produced Album.
Ngakolunye uhlangothi, uZahara uthathe izindondo ezintathu emaqoqweni amahlanu abeqokelwe kuwo kulo mcimbi obuseMbombela Stadium, eMpumalanga.
UZahara uhambe nezindondo ezintathu ze-Best Female Artist, Hit Single of the Year abeqokwe kuyo no-DJ Sbu ngengoma yabo ethi Le Ngoma neye-Song of The Year ngo-Loliwe.
Lo mculi, odabuka ePhumlani, e-Eastern Cape, ubonge abalandeli bakhe ngokumvotela, wabonga abezindaba ngokubhala kahle ngaye nokumeseka, wabonga nabantu bangakubo.
Indlela abejabule ngayo u-Aka uthe uswele amaphiko okundiza ngoba amaqoqo amabili ubengalindele ukuthi aphumelele kuwo kodwa ngamandla kaNkulunkulu kwenzeka.

No comments:

Post a Comment